Ingowesifazane womLungu owayesikhinininda asikhiphe ngamakhala isiZulu. Owayehlala epulazini likayise. Wayevame ukuvakashela abantu abamnyama ababesebenzela uyise, ababehlala enkopholo. Wabe esefudulwa nguyise esesigabeni sokuthomba. Lokhu kufudulwa kwakhe kuqhamuka emva kokuba ebe nokuzwana nomfana owayezalwa esinye sezisebenzi sepulazi likayise. Lokho kwamnenga kabi uyise.
Lona wesifazane usebuya emva kweminyaka engamashumi amabili ezokwenza uhwebo kuleli-zwe. Ufika ukhumbula ukuba kwakunabantu ababehlalisana nabo emapulazini eminyakeni engamashumi amabili edlule. Nango-ke esephuma inqina ethungatha lo mndeni ayevame ukuwuvakashela esakhula. Ikakhulu elangazelela nokubona lo mfana abe ezwana naye, ukuba bala usawadla yini amabele anhlamvana.